Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

LIBUKEKA LIQHAKAZILE IKUSASA LOMQOPHI WAMAFILIMU WASE BERGVILLE

Posted on 29 September 2023

Ziyihambela kahle izinto insizwa engumthwebuli nomdidiyeli wamafilimu edabuka eBergville endaweni yaseZwelisha. lensizwa edume ngelikaSulkesi endimeni yezikaqedisizungu ogama layo langempela nguMzwandile Ndaba, isineminyaka ikhona endimeni yezamafilimu kanye nezikaqedisizungu nje jikelele.

Lensizwa iqale ukubonakala kulomkhakha ngonyaka ka 2008 lapho beyenza khona amahlaya nabanye osaziwayo kulomkhakha abafane noNgane Ngane bodumo lwaseWorkshop ethekwini nabanye.

Ngokubona ukuthi likhona ithalente kuye kulendima, ube esesungula inkampani yakhe yokuqopha nokukhiqiza amafilimu iQuick Wave Productions nokuyiyona emvulele amathuba amaningi kwezamafilimu. Amafilimu akhe aqale ukukhonjiswa esiteshini sikamabonakude esiku DSTV esaziwa kakhulu ngokudlala amafilimu akhiqizwe khona lapha kwelengabadi iMzansi Magic eminyakeni embalwa edlule.

Lensizwa isanda kuthola ithuba eliyingqayizivele lokuthi omunye wemidlalo ekhiqizwe yinkampani yakhe iQuick Wave Productions ubonakale kuSABC nokuyisiteshi sikamabonakude esikhulu kunazo zonke eNingizimu Africa. Lomdlalo wakhe osihloko sithi Isenzo Sami, uzobonala ku SABC khona maduze nje.

UNdaba uthi, kusekuningi okuzayo emva kwalefilimu, futhi uzimisele ukubeka indawo yaseBergville noThukela lonkana ebalazweni kwezamafilimu.

Usuku nesikhathi ouzobonakala ngayo lefilimu izomenyezelwa maduze nje.

1 thought on “LIBUKEKA LIQHAKAZILE IKUSASA LOMQOPHI WAMAFILIMU WASE BERGVILLE”

  1. Mvuselelo says:
    3 October 2023 at 1:45 pm

    Muhla umsebezi wenu

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme