Kuzoshikisha ufundu ehholo lomphakathi endaweni yaseTholeni kuWard 3 ngaphansi kukamaspala i-Alfred Duma kulempelasonto esiya kuyo. Lomaspala, uholwa IMeya uCLLR Sibisi uhlele indumezulu yomdlalo wengoma nengezo ozobanjelwa ehholo lomphakathi khona eTholeni. Lomdlalo ubizwa ngokuthi yi – IHaritage Day Indlamu Competition.
Lomcimbi wokugcina wokubungaza inyanga kaMandulo ethathwa njengenyanga yamagugu namasiko kuleli, izobonisa amakhono entsha eyakhele lendawo kanye nezindawo ezakhele izindawo ezingomakhelwane njengaseLimehill, Uitval, Dival, Hlathi nezinye.
kulomncintiswano kulindeleke ukuthi kushiyelane inkundla amaqembu engoma ehlukehlukene aphuma kulezi zindawo esizibalilie kanye nezinye ezakhele loMaspala. Akuzukugcinwa ngomqhudelwano wengoma kuphela, kodwa kulindeleke noswenka ukuthi nabo bavelele ngemisiko yabo yesintu nengezo esezingeni eliphezulu. Ingoma yabesifazane nayo izobe inowayo umklomelo kanti sikhona nesiteki esibekelwe oMaskandi abasafufusa.
Kuyacelwa ukuba amaqembu afisa ukungenelela lomncintiswano, axhumane nehhovisi likaSomlomo noma amakhansela akhele iNdaka, ukuthola amafomu okuba inxenye umcintiswano wengoma.