Baqhinqe ngaphandle kwamahhovisi omnyango wezokuthutha izolo abasebenzi abayitoho balomnyango eBergville emumva kokuzwa emsakazweni ukuthi sekuqhashwe abanye abasebenzi ekubeni bethenjiswa ukuthi uma kuvuleka izikhala kuzongena bona.
kume nse ukusebenza kulomnyango ngesikhathi laba basebenzi bethi ngeke baze baqhubeke nokusebenza futhi akekho namunye ozosebenza uma ngabe kungaqhashwa bona njengkwethenjiswa uNgqongqoshe.
Omunye wabasebenzi ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe, uthe bethenjiswa wungqongqoshe wezokuthutha uNksz Sindiswa Chikunga ngesikhathi behambele uhlelo lukahulumeni lokudala imisebenzi olwaziwa ngokuthi iSithesha Waya Waya ukuthi njengoba besebenza njengetoho nje, nakanjani uma kuvuleka izikhala kothathwa kubo ngoba vele umsebenzi sebeyawazi.
Lesi sisebenzi sithi, bamangale ngeviki eledlula sebezwa eMsakazweni ezinye izisebenzi eziyitoho kulomnyango eMnambithi zikhala ngokuthi zeqiwe kwaqhashwa abantu abangaphandle zibe zikhona ngaphakathi.
Kuvela lokhu nje kuvele kunesililo esikhulu kulomnyango koMasipala abehlukehlukene ngalesi simo.