Emavikini amabili edlule leliphephandaba labika ngezibhelu ezasuka endaweni yaseMtshezi ngaphansi kukaMaspala ilanga libalele lapho umphakathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo ngemfucuza kanye namathayi avuthayo ukhala ngokuntula amanzi.
Lomphakathi uzitholile izimpendulo izolo emva komhlangano obe khona phakathi komphakathi kanye noMaspala Uthukela District Municipality okuyiwona ohlinzeka ngamanzi kulendawo. Lomhlangano obubanjelwe ehholo lomphakathi iPhangweni Hall ubuhanjelwe amalungu omphakathi, usomlomo kamaspala UThukela UCllr TY Nqubuka, imenenja kamaspala uMnumzane JN Madondo nezinye izikhulu zikaMaspala.
Uthukela luzibophezele ukuxazulula inkinga yamanzi kulendawo, lwabuye lathembisa nomphakathi ukuthi kuzoqedelwa isiphehlimanzi esaziwa ngeBhekuzulu-Ephangweni Scheme ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke lomphakathi owakhele lendawo uyawacosha amanzi. ukumbiwa kompompi abagwedlwayo, ukulethwa kwezimoto ezithwala amanzi ngezinye zezixazululo umaspala athe uza nazo okwesikhashana kusalungiswa loku okuzothatha isikhashana.
Umphakathi ukhale kakhulu ngendlela lomaspala owehluleka ngayo ukuxhumana nomphakathi ngendlela egculisayo. Babe sebenxusa ukuthi ziqine ezokuxhumana phakathi kukaMaspala nomphakathi.