Osokhaya okuyi Ivory Coast bawuqale kahle umqhudelwano we AFCON eqoqweni abakulona njengoba bekwazile ukuthi baqale nge win kwi Guinea_Bissau Ka 2_0. Cote d’Ivoire ibonise zisuka nje ukuthi izosebenza njengoba ngo mzuzu wesine nje Umdlalo uqalile uSeko Fofana uvalele phakathi elokuqala igoli kulomqhudelwano kwathi Jean-Philippe Krasso wavalela noma washeyela isipikili sokugcina ngo mzuzu 58. Kumanje aqhwakele phezulu ama elephant ngamaphuzu ama 3 njengoba laba abanye abanabo eqoqweni bedlale ngokulingana.
Nigeria eyizikhondlakhondla zebhola lase Africa iwuqale kabi yona njengoba yona idlale ngokulingana nezwe lase Equatorial Guinea 1_1. Umdlalo olandelayo we Nigeria iyobhekana no sokhaya okuyi yona Ivory Coast ngo Lwesine.
Ama Black Stars wona okuyi Ghana ayokuxoxela amagwababa echobana abakuboniswe ama Blue Sharks okuyi (Cape Verde) enkudleni yezemidlalo eyaziwa ngokuthi yi Felix Houphouet Boigny Stadium njengoba bevele bathela usawoti esilodweni kwi Ghana beyishaya ngo 2_1.
Ama blue sharks iwona asaqhwakele kuleli qoqo njengamanje ngemva kokuthi omakhelwane bethu okuyi Mozambique bona bebambe ezika faro okuyi Egypt ngo 2_2.
Egypt yona ibobonga elakubo njengoba ibuye nephuzu kulomdlalo sekuvalwe amehlo nge penalty Ka Salah ayishaye nge sikhathi esingeziwe sikanompempe ngo 97min. Ghana yona ayizukukufisa ukuthi okwabehlela Cameroon eminyakeni 2 eyendlule njengoba baphuma zibekwa kweyama qoqo kuphinde kubehlele futhi.
Nansi eminye imidlalo elindelekile osukwini lwanamuhla.
Senegal Vs Gambia 16:00
Cameroon Vs Guinea 19:00
Algeria Vs Angola 22:00