Lihlalele ovalweni ikhansela laku ward 28 kumaspala iAlfred Duma ngemumva kokuthola izinsongo zokubulawa. UBhekokwakhe Majola ongukhansela waku ward 28 uthi kunomlisa ohambe wayobhala enkundleni yokuxhumana u Facebook ukuthi uzobulala yena nomndeni wakhe. Lokhu kusatshiswa kuyamaniswa nokugqoza kokuphakelwa kwamanzi kuleyandawo nokwenza umphakathi uthukuthale kakhulu.
UMajola uthi inkinga yamanzi nokuyiyo enkulu kakhulu oThukela yiyo eyenza abe nyamba nambana emphakathini, uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngezinsongo azitholayo njengoba ethi aziqondile kuyena kuphela kodwa zifaka nomndeni wakhe phakathi. Umajola uqhube wathi ngenxa yokubulawa kwamakhansela nsukuzonke kulesi sifundazwe, akazithathi kancane lezi zinsongo yize noma zenziwe ezinkundleni zokuxhumana. Uthe usethathe isinqumo sokuvula icala ngenxa yokwesabela impilo yakhe.
UColonel Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulive esiteshini samaphoyisa eZakheni livulwe nguye ukhansela uMajola.