OwayeyiPhini likaMholi we-COPE uWilly Madisha uthi uMosioua Lekota ushiye ifagugu eliqinile kwezombusazwe zaseNingizimu Afrika.
Lokhu kulandela izindaba zokuthi uLekota edlule emhlabeni ekuseni namuhla ngemuva kokugula isikhathi eside.
UMadisha uthe nakuba babehlukana ngemibono ngezikhathi ezithile, ufunde izifundo eziningi ezibalulekile kuLekota ngesikhathi besebenza ndawonye kwezombusazwe.
Uthe uLekota uzokhunjulwa njengomholi owayezinikele ekusebenzeleni izwe futhi owadlala indima ebalulekile emlandweni wezepolitiki waseNingizimu Afrika.

