UMASIPALA wesifunda sasoThukela uvakashela iTholithemba High School eZwelisha, eBergville.
Ithimba beliholwa nguSomlomo woMkhandlu, uCllr Nqubuka, ehlangene nethimba bakhuthaze abafundi ukuthi bagxile ezifundweni zabo futhi basebenze kanzima ukuze bafeze izinhloso zabo.
Kulolu hambo ithimba liphinde lanikela ngezipho kubafundi okubalwa namaphasela egilosa kulabo abahlala ezindaweni eziqashiwe.
Abaholi bakamasipala bathe lolu hlelo luhlose ukweseka abafundi nokubagqugquzela ukuthi bayithathele phezulu imfundo ngesikhathi beqinisekisa ukuthi abafundi abaswele bayaluthola usizo.

