Kusathungathwa abanye ababili abamuke ngeveni eyawelwa amfulenii uMfenebude, eMsinga.
Imeya yaseMsinga Local Municipality, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ihole ubuholi bomkhandlu namakhansela beyoduduza imindeni yezisulu zalengozi.
Lesi sigameko senzeke ngoLwesine ngesikhathi iveni ebithwele abantu abayisishiyagalombili iwela umfula eMfenebude yabe isithathwa amanzi.
Imeya uSikhakhane ithe umkhandlu uzosebenzisana neminyango kahulumeni ukuhlinzeka ngosizo emindenini ethintekile.

