Ubuholi boMkhandlu Inkosi Langalibalele Local Municipality kuholwa yiMeya uMduduzi Myeza bethule ngokusemthethweni iveni elisha kanye nama-skip bin azosetshenziswa uMnyango wakwaCommunity Services ngaphansi kohlangothi lweWaste Management.
Lama-skip bin kulindeleke ukuthi asize uMkhandlu ekuqoqeni imali ngokuwabolekisa noma ukuwaqashisa kumabhizinisi, kanti futhi azosiza ekunqandeni ukulahlwa kwemfucuza ngokungekho emthethweni emiphakathini.
Iveni elisha lizolekelela ukuthutha abasebenzi kanye namathuluzi, futhi liqinise uhlelo lukamasipala lokugaywa kabusha kwemfucuza.
Lezi zinsiza zithengwe ngemali yomklomelo ovela kuMnyango wezoMnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZulu-Natal, ngemuva kokuthi uMkhandlu Inkosi Langalibalele waphuma isibili emncintiswaneni weCleanest/Greenest Municipality Competition ka-2024/2025 phakathi koMasipala abangu-52 esifundazweni.
UMkhandlu uhalalisele abasebenzi bakwa-EPWP ngomsebenzi wabo, wathi ukubambisana kwabo kube yisona sizathu esenze uMkhandlu uthole lo mklomelo.
Umphakathi nawo unxusiwe ukuthi ubambisane noMkhandlu ekugcineni idolobha lihlanzekile.
UMkhandlu uphinde wamemezela uhlelo lokuhlanza idolobha olubizwa ngeOperation Mbo Clean-Up Campaign, oluzokwenzeka njalo ngoLwesine ezindaweni ezahlukene.

