iPhini likaNgqongqoshe Wezokuthutha uMhlonishwa M. Hlengwa emkhankasweni weBack-to-School Career Expo kanye nohlelo lweShova Kalula uvakashele e-Alfred Duma.
Lo mcimbi ubanjelwe eSgweje High School kwaHlathi, lapho kuhlangene khona abafundi abavela ezikoleni ezahlukene.

Kulolu hlelo abafundi banikezwe amabhayisikili ukuze kube lula ukuya nokubuya esikoleni, kuthuthukiswe ukufinyelela ezikoleni, ukufika ngesikhathi kanye nokuphepha kwabafundi.

