IQEMBU LE-NFP LITHI ALIJIKI ESINQUMWENI SOKUPHUMA KU-GPU


Iqembu leNational Freedom Party (NFP) lithi yize selibe nemihlangano laxoxa ne-IFP, DA kanye ne-ANC kuHulumeni Wobumbano (GPU) KwaZulu-Natal, alijiki esinqumweni salo sokuphuma kulolu mbimbi.

I-NFP ithi isinqumo sayo sihleli sinjalo, futhi ayizimisele ukuqhubeka nokweseka ubuholi obukhona ngaphansi kukaNdunankulu wesifundazwe, uThami Ntuli.

Ngokusho kweqembu, sekukhona izingxoxo eziqhubekayo zokwakha umbimbi olusha oluhlanganisa i-MK Party, i-EFF kanye ne-NFP. Lo mbimbi kulindeleke ukuthi maduze wethule ivoti lokungabethembi uNdunankulu eSishayamthetho sesiFundazwe.

I-NFP ithi lesi sinyathelo sihloswe ukuletha ushintsho kubuholi besifundazwe, nakuba abaholi be-GPU bengakaphawuli ngalolu daba.


Uthukela Times All Rights Reserved