APHELE EMEHLWENI AMAKHANSELA ASOTHUKELA EMHLANGANWENI WOKUZODINGIDA ELOKUVALWA KWE-ACCOUNT KAMASPALA


Kube nesiphithiphithi emhlanganweni oyisipesheli woMkhandlu kaMasipala uThukela District lapho bekudingidwa khona udaba lokuvalwa kwe-akhawunti kaMasipala ngenxa yezikweletu ezisindayo.

Amakhansela asale ebambe ongezansi emva kokuthi iMeya kanye namakhansela eqembu leNkatha Freedom Party (IFP) beshaye bachitha umhlangano ungakapheli. Lo mhlangano ubizwe uSomlomo ngenhloso yokuthola izimpendulo nokudingida kabanzi ngesimo sezimali esibhekene nomkhandlu.

Amakhansela e-ANC, DA, EFF kanye ne-NFP athi bekulindeleke ukuthi kube nengxoxo evulekile mayelana nokuthi kwenzekeni ukuze kuvalwe i-akhawunti kaMasipala nokuthi iziphi izinyathelo ezizothathwa ukulungisa lesi simo.

Nokho, athi umhlangano uphazamisekile ngesikhathi amakhansela e-IFP ephuma esinyelela, okugcine kuholele ekuchithweni kwawo.

Lolu daba selushiye imibuzo eminingi mayelana nokuphathwa kwezimali zomkhandlu kanye nokubambisana phakathi kwamaqembu ezepolitiki ngaphakathi koMkhandlu.


Uthukela Times All Rights Reserved