IQEMBU loMkhonto weSizwe (MK) limeme ngokusemthethweni i-ANC emhlanganweni wokudingida udaba lokusungulwa kukahulumeni omusha wobumbano KwaZulu-Natal.
Encwadini ayibhalele i-ANC, iPhini Lesibili likaMengameli we-MK Party uTony Yengeni ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe selivele linezingxoxo neNational Freedom Party (NFP) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF) mayelana nokusungulwa kokuphathwa kwesifundazwe okusha.
UYengeni uthe i-MK Party ifuna ukwakha uhulumeni ozinzile KwaZulu-Natal futhi isaqhubeka nezingxoxo namaqembu ezepolitiki ahlukene ukuze kufezeke leyo nhloso.
Phambilini leli qembu lethule isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu uThami Ntuli, kodwa asiphumelelanga.
Umhlangano ohlongozwayo phakathi kwe-MK Party kanye ne-ANC uhlelelwe ukuba mhla ziyisi-7 kuNdasa wezi-2026.

