KUBOSHWE UMLISA OTHOLAKALE NENHLOKOHLELA YESIBHAMU KWASOMSUKU


Amaphoyisa eseKuvukeni abeqhuba umkhankaso weHigh Density Operations endaweni yakwaSomsuku abophe umsolwa oneminyaka engu-28.

La maphoyisa agasela lapho okuhlala khona umsolwa, endaweni yakwaSomuku eMnambithi NgaseKuvukeni. Ukuseshwa kwalapho ahlala khona kuholele ekutheni kutholwe isibhamu sohlobo lwe-R4, isibhamu esincane kanye nezinhlamvu.

Umsolwa usevelile enkantolo yemantshi Ezakheni. Uzogcinwa esitokisini okwamanje.

Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuthi azinawo yini amanye amacala.


Uthukela Times All Rights Reserved