Inyunyana yabasebenzi bakamasipala iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU) isibhalele iMeya ePhethe kanye noSomlomo kaMasipala wesiFunda sasoThukela incwadi ephuthumayo isola izikhulu eziphezulu ngokwephula ngamabomu umthetho iMunicipal Finance Management Act (MFMA).
Inyunyana ithi izincwadi ezivela kuNgqongqoshe wezeziMali kanye noMgcinimafa wesiFundazwe KwaZulu-Natal zinikeza ubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukulawulwa kwangaphakathi kweqiwa ngamabomu. I-SAMWU isola ukuthi iMenenja kaMasipala kanye neBamba leSikhulu Esiphezulu Kwezezimali ngokuthi badlulisela izimali zikamasipala kuma-akhawunti ezinkampani zangaphandle ukuze kugwenywe imiyalelo ekhishwe ezinkantolo.
I-SAMWU isixwayise ngokuthi iSigaba 88 soMthetho Wezinhlelo Zomasipala ngeke sisetshenziswe ukuvikela izikhulu ekuphenduleni, ithi imithetho ye-MFMA kumele ize kuqala lapho kubonakala ukungaziphathi kahle kwezimali.
Inyunyana ifuna ukuthi uMkhandlu:
• Ubuyisele izimali ezisebenze ngendlela engafanele ezikhulwini ezibhekelele ukusebenza kwezimali kulomaspala.
• Ubike loludaba kwa-SAPS ukuze luphenywe njengobugebengu ngaphansi kweSigaba 173.
• Usungule ibhodi elizimele lokuqondisa izigwegwe elihambisana nemithetho yokungaphathwai kahle kwezezimali.
I-SAMWU iqhube yaxwayisa ngokuthi uma kuvela ukuthi amakhansela agunyaza ukusetshenziswa ngendlela engafanele ngamabomu angase abhekane necala nawo.
Inyunyana inikeze uMkhandlu kuze kube kugamanxa ihora lesibili namuhla ukuthi unikeze incwadi ebhalwe phansi yokumisa ukuqaliswa kwezinqumo zangomhla zingama-27 kuNhlolanja futhi uqale nokuqondiswa kwezigwegwe.
Ukwehluleka ukuthobela lokho kuzoholela ekuvulweni kwamacala aphuthumayo eNkantolo Ephakeme kanye nokwenyukela kuMcwaningimabhuku-Jikelele.

