UBUYE NEBHANDE LE-FEATHERWEIGHT ETHEKWINI UMSHAYI SIBHAKELA WASEMNAMBITHI


Abalandeli besibhakela bazibonele ngabomvu ithalente emqhudelwaneni i- Fists of Thunder obuse-AP Portuguese Hall eGlenmore, eThekwini.

Into ebihehe kakhulu kube yimpi kaSithembiso Maduna waseMnambithi eSteadville noTholumusa Ngema. UMaduna ushaye isibhakela esinenkosi phakathi ehlula uNgema waphinde wanqoba isicoco se-featherweight KwaZulu-Natal.

UMaduna, okumanje ukleliswe endaweni yesishiyagalolunye kuzwelonke, uhlose ukukhuphukela phezulu ezilinganisweni kulandela impumelelo yakhe esifundazweni.

Umqeqeshi wakhe, uSanele Mthalane, uncome ukuzinikela nokuzilungiselela kwalo mshayisibhakela, wathi ukunqoba bekulindelekile ngemuva kokunqoba kukaMaduna ebhekene noKhanyisani Mbokazi ngo-Okthoba odlule kuTap Tap Makhathini Sports 6th Boxing Series.

UMthalane uthi iqembu selizogxila ekulungiseleleni uMaduna ukuthi angenele umqhudelwano waseNingizimu Afrika.


Uthukela Times All Rights Reserved