UMnumzane uZwakele Mncwango umenyezelwe njengozomela iqembu i-Action SA esikhundleni sobuNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal okhethweni ngonyaka ozayo.
Umholi waleliqembu uMnumzane Herman Mashaba wenze lesi simemezelo esithangamini sabezindaba izolo eThekwini. UMashaba uchaze uMncwango njengomuntu owuthandayo futhi owusebenzela ngokuzikhandla umphakathi. Lomholi weqembu abanye abangalithatha ngokuthi lisha noma selineminyaka engaphezu kwemihlanu likhona, uthi iKZN idinga umholi ohlakaniphile futhi ozinike njengoMncwango.
Akumangazanga ke ukuqokwa kukaMncwango yileliqembu ukulimela kulesi sifundazwe kwazise nguyena usihlalo walo esifundazweni. UMncwango ungelinye lalamlungu e-Action SA ahlubuka eqenjini leDA wajoyina leli qembu
UMncwango uzobangisana isihlalo nabanye abaholi bamanye amaqembu afana noChris Papas weDA kanye nabanye bamanye amaqembu