.
Iqembu le Royal Tigers libhaxabule kabuhlungu i Tsameni Academy ngo 6-1 emdlalweni obukade ubanjelwe ezinkundleni zezemidlalo e-AG MAGUBANE Stadium izolo.
Ezika sekela Meya ziya kulomdlalo nje vele ziphethwe ukugula okufanayo nezika Tsameni njengoba zombili ziye kulo mdlalo zinamaphuzu amathathu iqembu ngalinye emdlalweni emihlanu asebeyidlalile. UMnu Nhlanhla Madonsela okwi Thimba labaqeqeshi kuyona Royal Tigers, uthi into ebasize kakhulu kulo mdlalo ukusebenzisa amathuba abawakhandile njengoba umdlalo bewubavuma okwenze kubelula ukuba umgadli wabo okunguSimphiwe “Fire” Ndaba ekwazile ukushaya amagoli amabili kulo mdlalo.
Lomgadli usenamagoli amane emidlalweni eyisithupha asebeyudlalile, kanti amanye amagoli e Tigers ashaywe ngabanye babadlali abasanda kufika kuleliqembu okungu Jama, Messi, Mapensela Kanye no Philasande yena obekade egijima kulo leliqembu nange season eyendlule.
Ngokusho kuka Madonsela uthi ingathi bazelwe kabusha njengamanje abafana bakhe njengoba ethi kuzoba isililo esifanayo nakule mpelasonto uma sebebhekene no Thukela Wanders, nathembise ukuthi abezukuyizwela nayo njengoba nayo iziqhugela lapha ya kwi log. Tigers ikhuphekele endaweni yeshumi kwi log ngemumva kokunqoba ngempelasonto.
Isiyonke imiphumela yemidlalo yangempelaso imi kanje:
Natal Witness 4 -1 uThukela Wanders, (Kandahar )
Rookdale 0 – 3 Barcelona, (Bergville Sports Complex )
Pieters Eleven 4-1 Dubai (Mancengezi High Sports Ground)
Lacosta 1-2 Young Elephant (Estcourt Secondary Sports Ground)
Tsameni Academy 1- 6 Royal Tigers (AG Magubane)
Real Magic 1-3 Mkhanyakude (AG Magubane).
Kanti iqembu leMnambhithi All Stars lona livele lakhetha ukunikela ngamaphuzu amathathu kwiQhakaza njengoba befike ekundleni sesindlule isikhathi lokho kusho ukuthi Kuba ngu 2-0 (walk over) okungumphumela ovunalona osuke ekhona ekundleni.