AMAKHOSI ASEZOKWAZI UKWENZELA IZAKHAMIZI AMA-AFFIDAVIT KANYE NOKUQINISEKISA IZINCWADI


Imiphakathi engaphansi kobuholi bomdabu KwaZulu-Natali manje isizokwazi ukuba nezincwadi ezifungelwe kanye namanye amaphepha asemthethweni azosebenza endaweni, ngemuva kokuthi AmaKhosi angaphezu kuka-280 eqinisekiswe ngokusemthethweni njengoKhomishana Bokufungisa.

UNdunankulu uThami Ntuli unikeze abaholi bendabuko izitifiketi namathuluzi okusebenza ngoMsombuluko eMayville, echaza lesi sinyathelo njengesinyathelo esikhulu sokuthuthukisa ukufinyelela kwezobulungiswa ezindaweni zasemakhaya.

UNtuli uthe lesi sinqumo sizokwehlisa umthwalo kwizakhamizi, ikakhulukazi abafuna umsebenzi abavamise ukuhamba amabanga amade beya eziteshini zamaphoyisa ukuyoqinisekisa amaphepha. Uthe imiphakathi isizokwazi ukuthola lezi zinsiza ezinkantolo zendabuko.

USihlalo weNdlu yabaholi boMdabu namaKhoisan esifundazweni, iNkosi Sifiso Shinga, wamukele lolu hlelo wathi luzoletha usizo oludingeka kakhulu. Uqinisekise ukuthi AmaKhosi ayawuqonda umsebenzi wawo futhi azoqapha ukuxhashazwa kwalolu hlelo.

UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthe le ntuthuko izonciphisa isiminyaminya eziteshini zamaphoyisa, ivumele amaphoyisa ukuthi agxile ekunqandeni ubugebengu nasekuphenyweni.


Uthukela Times All Rights Reserved