KUBUYISE ITHEMBA UKULUNGISWA KOMGWAQO EZINYOSINI NAKWANDABA EMTSHEZI


Kubuyise ithemba emphakathi ukubona uqhubeka kahle umsebenzi wokulungiswa komgwaqo owenziwa uMaspala iLangalibalele eWard 13, ezindaweni zaseZinyosini nakwaNdaba. Namuhla abaholi bomkhandlu beholws yiMeya uMduduzi Myeza baye bayohlola ukuthi umsebenzi uqhubeka ngendlela egculisayo futhi uyawenza yini umehluko emphakathini.

Lo msebenzi uyingxenye yesethembiso esenziwa uMaspala ngo-2021 sokulungisa imigwaqo engenela emakhaya, imigwaqo esetshenziswa amatekisi kanye nezindlela eziya ezikoleni nasemakliniki. Inhloso wukuqinisekisa ukuthi izingane ziyafinyelela ezikoleni kalula, kuthi nabantu abadala bakwazi ukuya ezitolo nasezindaweni zokuhola ngaphandle kobunzima.

Yize imishini ingakafinyeleli kuzo zonke izindawo iMeya icele umphakathi ukuthi ubambisane ekuvikeleni imishini ukuze umsebenzi ungaphazamiseki.


Uthukela Times All Rights Reserved