USIPHO MBATHA UCHITHA AMAHLEBEZI OKUSHIYA OKHOZINI


Umsakazi wohlelo lwasekuseni kuKhozi FM, uSipho Mbatha, usephumele obala waphika izinkulumo ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana ezithi usezobeka phansi izintambo kulesi siteshi.

Amahlebezi aqale ngemuva kokuthi igama lakhe lingabonakali ekhalendeni lonyaka elisanda kukhishwa wuKhozi FM, okudale ukuthi abanye bacabange ukuthi useshiyile noma uzoshiya njengoba kubhekwe ekuvuselelweni kwezinkontileka ngo-April.

Ekhuluma kuFacebook bukhoma namuhla, uMbatha uthe akahambi futhi usaqhubeka nomsebenzi wakhe ngokugcwele. Uxwayise abalandeli bakhe ukuthi bangalaleli abantu abasabalalisa amanga.

Uphinde wathi uma kukhona ushintsho mayelana nekusasa lakhe, uyena ozokwazisa umphakathi mathupha.

Mayelana nekhalenda, uthe abaphathi beSABC sebemchazele isizathu sokungabi khona kwakhe, kodwa lokho akusho ukuthi usephumile emsakazweni.


Uthukela Times All Rights Reserved