Ungenele osukwini lwesibili umbhikisho womphakathi waseMoba, njengoba izakhamuzi ziqhubekile nokuvala umgwaqo ngenxa yokunqamuka kukagesi namanzi endaweni yabo.
Umphakathi uqale ukuvala umgwaqo izolo ekuseni, uthi sekuphele cishe isonto ungekho ugesi. Izolo uKhansela wendawo, uXolani Kubheka, ubathembise ukuthi inkinga izoxazululwa namuhla. Nokho, namhlanje izakhamuzi ziphinde zavuka zavala umgwaqo, zithi azisafunezethembiso ezingafezeki.
Manje umphakathi uthi ufuna uMasipala uThukela uphume obala uchaze ngenkinga yamanzi, kanye nezinhlelo ezikhona zokuwalungisa. Izakhamuzi zithi sezikhathele ukuhlala ngaphandle kwezinsiza eziyisisekelo, futhi zifuna izimpendulo ezicacile kanye nezixazululo ezisheshayo.

