UMasipala Wesifunda Amajuba uthi uyasihlonipha isinqumo seNkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu esichithe ukukhethwa kweKhansela le-IFP uThembelihle Mthembu njengoMeya kanye no-Isaac Shaka Sithole njengoSekela Meya. Ngemuva kwalesi sinqumo, umasipala uqoke uMeya osekuchithwe ukukhethwa kwayo ukuba ibambe isikhundla sokuba yiMeya (acting mayor) ukuze kuqhubeke umsebenzi kahulumeni.
Inkantolo imemezele ukuthi umhlangano womkhandlu owawungo-20 Meyi 2025, lapho kwakukhethwa khona uMeya noSekela Meya, wawungekho emthethweni futhi awusebenzi, kanye nazo zonke izinqumo ezathathwa kulowo mhlangano. Inkantolo ithole ukuthi lo mhlangano wawunezinkinga zokulandela izinqubo futhi amanye amakhansela anelungelo lokuya kuwo avinjelwa.
Leli cala laligxile emhlanganweni okhethekile owabizwa ngoMeyi 2025 ngemuva kokusula kukaMeya wangaphambilini ngoZibandlela 2024. Ngokusho kwamaphepha enkantolo, iningi lamakhansela lalicela uSomlomo ukuthi kubizwe umhlangano wokungathembi kanye nokukhethwa kobuholi obusha, kodwa lokho akuzange kwenziwe.
Kulo mhlangano kwavela isiphithiphithi ngemuva kokuthi ikhansele kuthiwa lasuswa ohlwini kwafakwa elinye ngaphandle kwenqubo efanele. Amanye amakhansela aphuma, kwathi kamuva bathi umhlangano waqhubeka kwenye indawo kodwa bona banqatshelwa ukungena ngamaphoyisa. Ijaji uPiet Bezuidenhout iqinisekise lesi sinqumo kulandela isicelo samakhansela ayi-13.

