UHULUMEN WASE-KZN UZOMEMEZELA AMATELE NJENGENHLEKELELE ESIFUNDAZWENI


UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe iKhabhinethi lesifundazwe selivumelene ngokuthi ukubhebhetheka kwesifo samatele (FMD) sekudinga ukusukunyelwa ngokugcwele.

UNtuli uthe iProvincial Disaster Management Centre isithumele umbiko esikhungweni seNational Disaster Management Centre, icela ukuthi lesi sifo sihlonzwe njengenhlekelele.

Ukuqinisekisile ukuthi kumanje iKwaZulu-Natal yisona sigameko sokubheduka kwalesi sifo njengoba izigameko ziqoshwe kuzo zonke izifunda. Lesi sifundazwe sinezinkomo ezibalelwa ku-2.4 million, kanti zingu-207 izifo okuqinisekisiwe ukuthi zibhebhetheke kuze kube manje, ezingu-187 zazo azikaxazululeki.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini ngoLwesihlanu, uNtuli uxwayise ngokuthi ukubheduka kwalesi sifo kufaka ingcindezi enkulu kubalimi futhi kubeka engcupheni ukuvikeleka kokudla kanye nempilo yasemakhaya. Ugcizelele ukuthi ukufinyelela emithini yokugoma kumele kusheshiswe.

UNtuli uthe isifo samatele sesidlulele ngale kwenkinga yempilo yezilwane futhi sesiphenduke inselelo kwezenhlalo-mnotho kanye nokulawulwa kwezinhlekelele esidinga ukubambisana okuvela kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.


Uthukela Times All Rights Reserved