KUBANJWE “IZIPOKI” EZUNGU 70 000 KULELI EZIHOLA IMALI YESIBONELELO SIKAHULUMENI NGOKUNGEMTHETHO


INhlangano Yezibonelelo Zikahulumeni, iSassa, imise cishe izibonelelo zomphakathi ezingu-70 000 ezweni lonke njengengxenye yokubuyekezwa okuhloswe ngokuqinisa izindlela zokulawula nokwenza isiqiniseko sokuthi izibonelelo zitholwa ngabafanele kuphela.

ISassa ithi lezi zibonelelo zimisiwe ngoba abanye abazitholayo behlulekile ukuhambisana nenqubo yokubuyekezwa kanye nokuqinisekisa ukuthi basaphila. Le nqubo ihlose ukuvikela izimali zikahulumeni nokugwema ukusetshenziswa kabi kwezinsiza.

Isikhulu esiphezulu seSassa, uThemba Matlou, sithe ngesikhathi sonyaka wezimali ka-2025/26 kuhlelwe ukubuyekezwa izibonelelo ezingu-420 000, kanti sekuhloliwe ezingaphezu kuka-240 000. Uthe lokhu sekonge imali ecishe ibe nguR44 million ngenyanga.

ISassa iphinde yaqinisa ukubambisana nezikhungo ezifana neSars, amabhange neNsfas ukuze kuhlonzwe labo abahola kungafanele. Abahluleka ukuvela ngesikhathi banikwa izexwayiso ngaphambi kokumiswa noma ukususwa kwezibonelelo zabo.


Uthukela Times All Rights Reserved