Isikole i-Ujikelele High School esiseMabhalonini, eWard 23 eMtshezi, sidunyiswe kakhulu ngokuziphatha kahle kwabafundi baso, ukubonakala okuhle kanye nemiphumela emihle yezifundo ngesikhathi sokuvakasha sakamuva kweMeya kaMaspala Inkosi Langalibalele uMhlonishwa Mduduzi Myeza njengengxenye yokuhambela izikole endaweni.
Abafundi banconywe ngendlela abagqoka ngayo umfaniswano wesikole, behlanzekile futhi behlelekile, kusukela emabangeni aphansi kuze kuyofika kwabangena uMatric. Lokhu kuboniswe njengobufakazi bokuziphatha kahle nokuba nesiko elihle lesikole kubo bobabili abafana namantombazane.
Lesi sikole siphakathi kwezikole ezenze kahle kakhulu ngaphansi kwe-Estcourt Circuit Management Centre (CMC), njengoba sithole u-91.6% wemiphumela emihle ekilasini lika-2025. Le mpumelelo ibhekiswe emsebenzini onzima nokuzinikela kukaThishomkhulu uMtshali, othisha, amalungu e-SGB, abazali kanye nabafundi.
Ngesikhathi sokuhlangana, abafundi bekilasi lika-2026 bazibophezele ekutheni bazolmtholau-100% wemiphumela, bethi bazimisele ukwedlula impumelelo yangonyaka odlule.
Umphakathi wesikole ubonge ukunconywa futhi waqinisekisa ukuzibophezela kwawo ekuqhubekeni nokuphakamisa izinga lemfundo, ukuziphatha kahle nokuthuthukiswa kwabafundi.
IMeya uMhlonishwa Mduduzi Myeza usemkhankasweni kaBack To School njengoba ezungeza izikole ezehlukene kulomaspala engqugquzela abafundi ngokubaluleka kwemfundo.

