UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu uveze ukuthi ubuyekeza umkhawulo wemali engenayo ovumela abantu ukuba bafanelekele ukuthola izindlu zomphakathi(RDP).
Lokhu kulandela izicelo zokuthi umkhawulo wamanje ongu-R22 000 ngenyanga wenyuswe. Okhulumela umnyango, uTsekiso Machike, uthe kuhloswe ngokuwunyusa ube cishe ngu-R30 000 noma ngaphezulu ukuze abantu abaningi bakwazi ukuhlomula.
Uthe umnyango usuxoxisana noMgcinimafa Kazwelonke ngenqubo yesabelomali sesikhathi esimaphakathi ukuze kutholakale uxhaso oludingekayo. UMachike uthe isikhathi sokuphothulwa kwalolu hlelo sizoncika ezingxoxweni zesabelomali, kodwa wagcizelela ukuthi uNgqongqoshe uwubeke eqhulwini lo mkhankaso futhi banethemba lokuthi uzophothulwa phakathi nesikhathi soHlelo Lwesikhathi Esimaphakathi Lukahulumeni.
