UMeya kaMasipala waseThekwini, uKhansela uCyril Xaba, uvakashele inhlangano iHuman Aid Organisation eSydenham, nokuyinhlangano enikeza usizo emiphakathini esengozini nencishwe amathuba endaweni.
Lenhlangano inikezela ngosizo olwehlukene, okuhlanganisa ukudla kwansuku zonke, ukwesekwa kwezempilo, kanye nokwakhiwa kwezindlu zemindeni ehlwempu. UMeya uXaba uncome inhlangano ngokuzinikela kwayo kanye nomthelela obalulekile onayo emphakathini.
Kubikwa ukuthi lenhlangano isisebenze iminyaka eyisithupha,kanti okwamanje inikeza ukudla kubantu abaphakathi kuka-200 no-800 nsuku zonke kubantu ababhekene nokuntuleka kokudla.Le nhlangano manje isebenzisana noMasipala weTheku ukusungula ikhishi lokudla kuWadi 31
