Amaphoyisa aseBotlokwa esifundazweni sase Limpopo ngoLwesithathu, Januwari 17 abophe indoda eneminyaka engu-30 ubudala ezibiza ngesangoma ohlobene nokubulawa kukaModjadji Niccol Thoka, 18, esigodini saseMokomene.
Isidumbu sikaThoka satholwa ngomhlaka-8 Januwari 2024, eMokomene, esigodini saseGa-Thoka.
Emva kokuhlathshwa ngemibuzo enzima ngabaphenyi becala, umsolwa kuthiwa wathatha ithimba labaphenyi walihola waliyisa lapho angcwaba khona ikhanda likamufi. Wabe eseboshelwa khona lapho wethweswa icala lokubulala.
Ukuboshwa kwakhe kuza ngemuva kokuthi Amaphoyisa aziswe ngokutholakala kwesidumbu sowesifazane endlini ebingahlali muntu. Ngesikhathi befika endaweni yesigameko bathole isidumbu sowesifazane sesibolile.
Uphenyo olwengeziwe, luveze ukuthi isidumbu sicuyiwe ezinye izitho zomzimba azisekho.
Ibamba likaKhomishana WesiFundazwe Wophiko Lwezemisebenzi Yamaphoyisa aseNingizimu Afrika eLimpopo, uMajor General Jan Scheepers uncome ithimba lamaPhoyisa eliqinisekise ukuthi lesi sigebengu esinonya sivalelwa ejele. Uphinde wancoma ukusebenzisana komphakathi namaphoyisa okuholele ekutheni kuhlinzekwe ngolwazi olubalulekile. “Sesikhululekile manje ukuthi umsolwa uboshiwe futhi silindele ukuboshwa kwabaningi,” kuphetha uMajor General Scheepers.
Umsolwa uzovela ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yaseMorebeng maduze.