Besekudlule amasonto angaphezu kwamabili uSindi Mgoza, oneminyaka engu-41 ubudala waseMpendle esigodini sakwaKhetha,anyamalala, kwathi umndeni wakhe namaphoyisa bathola izinsalela zomzimba wakhe owawushisiwe wagqitshwa endlini yangasese yomgodi.Amalungu omndeni wakhe akholelwa ukuthi uSindi Mgoza wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe.
Emva kokunyamalala kukalowesifazane, umndeni awuzange, kanjalo nomakhelwane, abazange babe nakho ukuphumula ngenxa yokukhathazeka emoyeni ukuthi hleze kukhona okubi okumvelele. Nebala, ukutholakala kwesidumbu sikaSindi kwakhomba ukuthi wabulawa ngesihluku.
Owesilisa oneminyala engu 35 ubudala osolwa ngecala lokumbulala,uvelile enkantolo mayelana nalolu daba , kanti umphakathi waseMpendle ufuna ubulungiswa futhi ufuna kuthathwe izinyathelo eziqinile ngokumelene nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile
