UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa usexwayise ngokuthi omasipala abasebenzisa budedengu izibonelelo zengqalasizinda basengozini yokulahlekelwa wuxhaso oluvela kuhulumeni.
Ekhuluma ePhalamende ngoLwesithathu, uHlabisa uthe uhulumeni uqinisa umsebenzi wokugada ukuze aqinisekise ukuthi izimali zomphakathi zisetshenziselwa inhloso yazo nokuthi imiphakathi ithola izidingongqangi.
Uthe amaphrojekthi asalela emuva noma akhombisa izimpawu zokungaphathwa kahle kumele abikwe, kanti enye imali ingase ibanjwe kuze kube omasipala balandise ukuthi imali isetshenziswe kanjani.
Ungqongqoshe uchaze ukuthi uMnyango wakhe uqapha izinhlelo nge-Municipal Infrastructure Support Agent (MISA). Uma uhlelo olubikwe ukuthi seluphothuliwe ngo-60% kutholakala ukuthi lwenziwe u-5% kuphela, umasipala angeke usithole isabelo sawo esilandelayo kuze kube kunikezwa ukuziphendulela okufanele.
UHlabisa uthe ukuphathwa kabi kwezimali kubangela ukubambezeleka kokulethwa kwezidingo kubantu futhi kuphazamise imiphakathi.
Uthe amaphrojekthi asalela emuva noma akhombisa izimpawu zokungaphathwa kahle , kanti enye imali ingase ibanjwe kuze kube omasipala balandise ukuthi imali isetshenziswe kanjani.tshenziswa ngendlela engafanele kanye nokwenyuka kwezikweletu zikagesi kukhubaza omasipala abaningi esifundazweni.

