DUNDEE – Iziphathimandla ziqinise umkhankaso wokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho ngemuva kokuvalwa kwezitolo ezilishumi eDundee, ngenxa yokuthi abanikazi bazo behlulekile ukuveza amaphepha asemthethweni.
Lokhu kulandela isexwayiso esikhishwe nguMeya kaMasipala waseNdumeni, uMnu Mcebo Mkhize, sokuthi akukho sitolo esizovunyelwa ukusebenza uma singahambisani nemithetho yezwe.
Amaphoyisa kamasipala, ngokubambisana nezinye izinhlaka zomthetho nezokuhlolwa kwezimvume, aqhube umkhankaso wokuhlola amabhizinisi, okuholele ekuvalweni kwezitolo eziyishumi. Kubikwa ukuthi abanye babanikazi balezi zitolo nabo abanazo izimvume ezisemthethweni zokuhlala noma ukusebenza eNingizimu Afrika.
Lo mkhankaso ulandele imashi ebibanjelwe edolobheni izolo, lapho iziphathimandla zathi abanye osomabhizinisi babengazange basithathe ngokungathi sína isixwayiso sabaholi, becabanga ukuthi ngeke kuthathwe zinyathelo.
Umasipala uthi ukuhlolwa kuzoqhubeka, futhi wonke amabhizinisi azodingeka athobele imithetho nemigomo ebekiwe ukuze avunyelwe ukuqhubeka nokusebenza.
