Ubudlelwano phakathi komsakazi woKhozi FM uTshatha Ngobe, usomabhizinisi uXolani Mcineka nomculi kamaskandi oseke wahlabana ngezindondo uKhuzani Mpungose kubikwa ukuthi bubhidlike ngenxa yezinsolo zokungaboni ngaso linye kwezezimali.
Laba bobathathu babeyingxenye yabasunguli bomcimbi kamaskandi odume minyaka yonke, iMpucuzeko. Kodwa-ke imithombo ithi kuqubuke ukushuba kwesimo ngemuva kokuthi uTshatha ethola ukuthi kukhona okungahambi kahle ezinhlelweni zokwabelana ngenzuzo nokuholele ekutheni kube nokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nozakwabo.
Lo mbango obikiwe kuthiwa udale ukuthi uTshatha asungule owakhe umcimbi iTshatha Music Festival abewenza nyakenye endaweni yangakubo KwaNongoma, KwaZulu-Natal.
Imithombo esondelene nalolu daba ithi ukungaboni ngaso linye mayelana nokwabiwa kwezimali yikhona okudale uqhekeko njengoba kuthiwa uTshatha uzibona ekhishwa inyumbazane yize ebedlala indima enkulu ekukhangiseni umcimbi.

