AKUKACACI UKUTHI UBULAWELENI OWESIFAZANE ODUTSHULWE EMTSHEZI


Ulusizi umndeni kaNkosikazi Zenzomuhle kaMazibuko Khumalo waseMakekeni e-Estcourt ngemuva kokutholakala eshonile izolo ekuseni.

UkaMazibuko wahamba ekhaya ngoMsombuluko ekuseni, ziyisi-9 kuNhlolanja, ngezithuba zehora lesi-9 wathi uya edolobheni eMtshezi eyokhipha imali.

Akabange esabuyela ekhaya, nomakhalekhukhwini wakhe wagcina engasatholakali, okwadala ukukhathazeka okukhulu emndenini wakhe.

Ngemva kwemizamo yokumthola, ukuthungathwa kwakhe kuphethe ngokuthi atholakale kodwa engasekho emhlabeni.

Utholakale ngasesikoleni i-Estcourt Primary edutshuliwe.

Umndeni ucele ukukhulekkisa njengoba uhlangabezana nalokhu kulahlekelwa kungazelelwe futhi okubuhlungu.

Baphinde banxuse noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza ekuqondeni okwenzekile ukuthi aveze ngemigudu efanele.

Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.


Uthukela Times All Rights Reserved