KUHLEHLISWE ISABELO-MALI E-NDUMENI NGEMVA KWEZINGXOXO ZAMAKHANSELA


Umkhandlu waseNdumeni usuhlele kabusha umhlangano obumayelana nesabelomali esingu-R500 million, kanti kuzophinde kuhlalwe emuva kwezinsuku eziyisikhombisa ukuze kubhekisiswe kabanzi lolu daba.

Amaqembu aphikisayo, i-ANC kanye ne-DA, athe awasamukeli lesi sabelomali njengoba ebona ukuthi asichazi kahle ukuthi izimali zizokwabiwa futhi zisetshenziswe kanjani. La maqembu athe kudingeka kubuyekezwe ngokucophelela izinhlelo zokusetshenziswa kwemali ukuze kuqinisekiswe intuthuko yomphakathi.

USotswebhu we-ANC kuMkhandlu, uKhansela Sphamandla Kheswa, uthe njengamakhansela e-ANC bafuna ukunika umphathi kamasipala ithuba lokuthi achaze kahle izinhlelo zakhe, njengoba esanda kufika esikhundleni. Uthe abafuni ukubonakala sengathi baphikisana ngaphandle kwesizathu, kodwa bafuna ukubeka phambili intuthuko yabantu.

USihlalo wekomidi le-IFP, uKhansela Xolane Msezane, naye uthe bayasisekela isinqumo sokuhlehlisa umhlangano ukuze kunikwe ubuholi ithuba lokucacisa yonke imibuzo ephakanyisiwe ngamakhansela.

Lo mhlangano omusha kulindeleke ukuthi ulethe ukucaciseleka okukhulu mayelana nokuthi le mali izosetshenziswa kanjani ukuze kuhlomule izakhamizi zaseNdumeni.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved