Basale dengwane abemindeni ebiyakhe eplazini kuWard 6eDundee njengoba iBhunu lepulazi ledilize imizi yabo izolo.
Lemindeni ithi kuvele kwafika umlimi omusha osanda kuthenga lelipulazi wafaka ugandaganda kungazelele wadiliza imizi, uma bebuza imbangela yalesenzo lithe alisabafuni kulendawo ngoba lifuna ukunweba idlelo kanye nesiqiwi salo.
Laba bathi bese behlale kulelipulazi iminyaka eminingi kakhulu njengoba abanye babo bafinga ngabo 1983.
Njengamanje abanayo indawo yokuhlala kanye nezimpahla njengoba imizi yabo idolize bengakhiphanga lutho.
