Isikhulu esiphezulu sekhomishana yokhetho iIEC uSy Mamabolo sithi basebenzisana nezinhlaka ezibhekelele ukuqinisa umthetho njenge ngxenye yokuqinisekisa ukuthi kuba nokhetho olungenalo udlame .UMamabolo ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezinsaba ePhalamende,ezindabeni ezithinta ukhetho okuzayo lohulumeni basekhaya .
Uthe baqale kusanesikhathi ukusebenzisana nenezinhlaka zezokuphepha kanye nemiphakathi ebekwephambili okhethweni ,ngoba ukuba nokhetho olukhululekile nolungachemile kuwumsebenzi osemqoka wekhomishana wathi kodwa lona umsebenzi okufanele babelane nawo nezinhlangano zezokuphepha.
