AMAPHOYISA ANXUSA UMPHAKATHI UKUBAMBA IQHAZA EKUHLELENI UKUPHEPHA E-KZN


Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) aseqalise uhlelo lokubandakanya umphakathi waKwaZulu-Natal, lapho iziteshi zamaphoyisa eziyi-11 zizovakashelwa ithimba likazwelonke kuleli sonto. Lolu hlelo luhlose ukuthola imibono yabantu mayelana nokuthi bafuna ukuphathwa kanjani ngokuphepha ezindaweni zabo.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthi ukubamba iqhaza komphakathi kubalulekile ekwakheni ukwethenjwa, ukuqinisekisa ukubekwa phambili kwezinkinga ezifana nodlame lwasekhaya nezidakamizwa, kanye nokwenza amaphoyisa asebenze kangcono.

Amaphoyisa aveze ukuthi abhekene nezinkinga ezifana nokushoda kwabasebenzi, izimoto, amathuluzi okusebenza kanye nezakhiwo ezingekho esieweni esihle, okuphazamisa ukusebenza kahle nokunciphisa ukubonakala kwamaphoyisa emphakathini.

Imihlangano izobanjelwa ezindaweni ezahlukene kusukela mhla ziyi-13 kuya ku-16 kuMbasa 2026, kanti umphakathi uyanxuswa ukuba uhambele le mihlangano ukuze uveze izikhalazo nezimvo.

I-SAPS ithi lokhu kuyingxenye yokwenza ngcono ukuphepha nokuphendula izidingo zomphakathi ngendlela efanele.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved