Kunemibhikisho yomphakathi emgwaqeni osuka eDundee uya eVryheid, lapho izakhamuzi zaseWard 6 zikhala ngokugqoza kwentuthuko nokusolwa kokucwaswa ekunikezweni kwemisebenzi.
Umphakathi uthi ukhansela wendawo, uCllr Shelembe we-ANC, uqasha abantu ngokubheka iqembu lezepolitiki, eshiya abanye ngaphandle. Baphinde basola ukuthi ohlelweni lokufakwa kwama-solar, kukhethwa imizi ethile kuphela, kanti eminye iyashiywa ngoba kuthiwa ayizange ivotele i-ANC.
Kuphinde kwavela ukuthi kukhona imindeni ethola amathuba amaningi e-EPWP, lapho kuthiwa komunye umuzi eForestdale kuqashwe abantu ababili ngesikhathi kuneminye imizi ehlwempu engatholi lutho.
Abahlali bathi lokhu kwenzeka njalo uma kuvela amathuba omsebenzi, bekhalaza ngokuthi kuhlale kukhethwa abantu abafanayo nabathandwayo.
Umphakathi uthi ngeke uyeke imibhikisho kuze kube kukhona ushintsho olwenziwayo ukuze kube nokulingana ekunikezweni kwemisebenzi namathuba entuthuko.

