UMnyango wakwa KwaZulu-Natal Department of Cooperative Governance and Traditional Affairs (COGTA) oholwa u Thulasizwe Buthelezi usunikeze amakhosi esifundazweni sa KwaZulu-Natal izimoto ezintsha sha.Kubikwa ukuthi lezi zimoto zingama-4×4, futhi zizokwenza kube lula ukuthi amakhosi akwazi ukufinyelela ezindaweni ezahlukene emiphakathini yawo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho imigwaqo ingahambi kahle.
UButhelezi uthe lezi zimoto zizokweseka umsebenzi wamakhosi ekusebenzeni nomphakathi nasekuqinisekiseni ukuthi izinsiza zikahulumeni zifinyelela kubantu. Wengeze ngokuthi izimoto zizokwenza kube lula ukuthi amakhosi afinyelele noma kuphi lapho kudingeka khona khona ukuze akhonze abantu bawo.

