UGWETSHWE IMINYAKA ENGU – 95 UMALUGAJU OBENUKUBEZA ABESIFAZANE EMTSHEZI


Inkantolo Yesifunda yase Estcourt Regional Court igwebe owesilisa oneminyaka engu-36, u Sabelo Khumalo, iminyaka engu-95 ejele ngenxa yokudlwengula nokugqekeza izindlu ezindaweni zase Ntabamhlophe nase Wembezi phakathi kuka-2021 no-2023.Inkantolo ithole ukuthi uKhumalo wahlasela abesifazane abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-36 ezimeni ezahlukene.

Kulezi zigameko, wayengena ngokungemthetho ezindlini zabo, abedlwengule bese ebaphuca izinto zabo.

Inkantolo izwe ukuthi lezi zenzo zashiya izisulu ziphazamiseke kakhulu ngokomqondo futhi ziphila ngokwesaba okukhulu.UKhumalo ugwetshwe iminyaka engu-75 ejele ngamacala amahlanu okudlwengula, kanti kwengezwa eminye iminyaka engu-20 ngamanye amacala amane okugqekeza imizi.


Uthukela Times All Rights Reserved