KUBOSHWE INDODA ETHOLAKALE NEZIBHAMU EZINGEKHO EMTHETHWENI EVRYHEID


Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe indoda eneminyaka engu-55 ubudala eBhekuzulu, eVryheid, itholwe nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu, mhla ziyi-13 kuNdasa, ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umkhankaso kulwndawo.

Ngesikhathi kuphenywa kutholakale isibhamu sohlobo lwe-assault rifle sinezinhlamvu ezingu-29 kanye nevolovolo elingu-9mm elinezinhlamvu ezingu-15.

Umsolwa uboshiwe wabekwa amacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Amaphoyisa aphinde athatha imoto yomsolwa ukuze kuphenywe kabanzi, njengoba ibinelayisensi ephelelwe isikhathi kusukela ngo-2020 futhi ibihamba ingenawo ama-number plate.

Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi eVryheid ngoMsombuluko, mhla ziyi-16 kuNdasa.


Uthukela Times All Rights Reserved