Kuvele izinsolo zenkohlakalo emaphoyiseni kamaspala wasoKhahlamba eBergville kulandela ukuthengwa kwezibhamu nezinhlamvu okuthiwa azisekho lapho kufanele zigcinwe khona.
Imibiko iveza ukuthi kuthengwa izinhlamvu ezingu-4 000, izibhamu ezingu-8 kanye nesibhamu esikhulu, kodwa akuzange kufike konke ehhovisi lamaphoyisa kamaspala. Kuthiwa ezibhamwini ezingu-8 ezathengwa, kwabhaliswa eziyisikhombisa kuphela kanti esisodwa asaziwa ukuthi sikuphi.
Kuphinde kubikwe ukuthi kuthengwe nenhlokohlela yesibhamu kanye nezinhlamvu ezingu-100, kodwa nakho akubonakali ehhovisi lamaphoyisa kamaspala.
Kuthiwa omunye wesikhulu emaphoyiseni kamaspala nguyena owamukela lezi zibhamu nezinhlamvu kodwa akazange azinikele zonke kubaphathi bakamasipala.
IMeya yoMasipala wasoKhahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthe useyalile ukuba kwenziwe uphenyo oluphuthumayo ngalolu daba futhi kuvulwe icala emaphoyiseni.
UMlotshwa uthe kuyakhathaza ukunyamalala kwezibhamu nezinhlamvu, ikakhulukazi ngesikhathi indawo ibhekene nokwanda kwamacala okudutshulwa kwabantu.

