Amaphoyisa eseKuvukeni abeqhuba umkhankaso weHigh Density Operations endaweni yakwaSomsuku abophe umsolwa oneminyaka engu-28.
La maphoyisa agasela lapho okuhlala khona umsolwa, endaweni yakwaSomuku eMnambithi NgaseKuvukeni. Ukuseshwa kwalapho ahlala khona kuholele ekutheni kutholwe isibhamu sohlobo lwe-R4, isibhamu esincane kanye nezinhlamvu.
Umsolwa usevelile enkantolo yemantshi Ezakheni. Uzogcinwa esitokisini okwamanje.
Izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuthi azinawo yini amanye amacala.

