Uhulumeni kazwelonke usutshale u-R26 billion ezifundazweni ukuze kuqhubeke impi yokulwa ne-HIV/AIDS, kulandela ukuhoxiswa kosizo lwaseMelika ngonyaka odlule.
UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uthe kule mali u-R410 million uzobhekana ngqo nezinhlelo ezikhethekile zokuvikela omama abakhulelwe ekudluliseleni igciwane ezinganeni zabo kanye nokuthengwa kwemishanguzo yama-ARV.
Umnyango wezeMpilo wabelwe u-R334.3 billion, okubalwa u-R21.3 billion wokuqasha odokotela nokulungisa izibhedlela ezifana ne-Inkosi Albert Luthuli.
Ezemfundo zithole u-R527.2 billion, kanti i-NSFAS yabelwe u-R54.3 billion ukuxhasa abafundi abangu-744 203.
UGodongwana uphinde waveza ukuthi kutholakale abasebenzi bakahulumeni abayizipoki abangu-4 323, imiholo yabo izomiswa njengoba uhulumeni eqinisa ukulawula uhlelo lwePersal.

