Inhlangano eyangamele ukhetho kuleli I Independent Electoral Comission(IEC) usugunyaze impela sonto ezayo yangomhlaka 18-19 November njengoyokubhalisela ukhetho lukahumuneni kazwelonke kanye nolwezifundazwe.
Amaqembu ahlukene ezepolitiki KwaZulu-Natal wona asebenzise lempela sonto ukufundisa amalunga awo ngokubhalisela uku vota ngendlela yesimanje (Online Registration). I-African National Congress (ANC) kulempela yonke yona ihambele izifunda ezahlukene ukufundisa amavolontiya ayo ngokuthi ubhalisela kanjani ukuvota online.
Isifunda se ANC i-Josiah Gumede Region yona izolo ihambele indawo ezahlukene ukubalwa erenke yaseMathondwane lapho bebetshela khona umphakathi ngokubaluleka kokubhalisela ukhetho.
Inkatha Freedom Party (IFP) yona ibe nembizo oLundi e Prince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium la ibiyotshela amavolotiya ayo ukuthi enzenjani ukuthi bafundise umphakathi ngokubhalisela ukuvota online.
I-Action SA nayo ibiseZululand oPhongolo ngase mngceleni iGolele lapho begqugquzela khona umphakathi wasophongolo ukuthi mawubhalise uku vota online.
Kanti ngempela sonto ezayo umnyango wezasekhaya uzobe uvulile emahhovisi kulabo abazolanda omazisi babo ukuyobhalisela ukhetho luka hulumeni basekhaya kanjalo nokazwelonke.