Baswele amazwi okubonga abantu abadala baku ward 18 eMnambithi njengoba Cllr Msimanga namuhla Ebehlele umcimbi wokubonga abantu abadala.
UMsimanga ubehambisana nabavela emnyangweni wezempilo kanye nabakwamaspala i-Alfred Duma. Lezi zihambeli zichithe eside isikhathi nogogo nomkhulu baphinde babapha nezipho.
Zibonge zanconcoza izaguga eKhanseleni ngalomcimbi futhi zizijabulele kakhulu nezipho abaphiwe zona. Ziveze nokuqhenya kakhulu ngokuba yizakhamuzi zaleWard zigcizelela ukuthi nentuthuko ziyibona ngamehlo mihla le.
UMsimanga uphethe ngokuthi uzoqhubeka enze imicimbi efuze lena njengoba ebathembisile ukuthi uzophinda ababizele nodokotela abahlukene abazokwazi ukubabheka kwizifo ezivame ukuhlasela abantu asebekhulile.