UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi baphezu kohlelo lokudlulisela ubunikazi bezipaza eziphethwe abokufika abangenazo izincwadi kubahlali bakuleli.
UNtuli ukusho lokhu ngoLwesibili ngesikhathi ehola uphiko lwezinhlaka ezahlukene zomthetho enkabeni yedolobha laseRichards Bay. Lo msebenzi ubugxile ekuhloleni izitolo nokubheka ukuthi ziyayithobela yini imithetho yokufika kwabantu abavela kwamanye amazwe, amabhizinisi kanye nemithetho yokuhweba.
Ngokusho kukaNdunankulu, izitolo eziningi ezincane kule ndawo kuthiwa ziphethwe abokufika ngaphandle kwezimvume ezisemthethweni. Uqhube wathi amanye ala mabhizinisi abandakanyeka ekudayisweni kwempahla engekho emthethweni.
UNtuli uthe ukwanda kwemikhuba yokudayisa ngokungemthetho kulimaza umnotho wendawo. Uveze ukuthi abakhiqizi bakuleli bayaphoqeleka ukuthi bavale ngenxa yokuncintisana okungafanele, okubuye kwehle amathuba omsebenzi kuphinde kuphazamise ukukhula komnotho esifundazweni.
Uhulumeni wesifundazwe ukugcizelele ukuthi uzoqhubeka nokuqinisa ukugcinwa kwemithetho kubasebenzi abangenazo izincwadi ngesikhathi ebeka eqhulwini amathuba omnotho ezakhamuzi zaseNingizimu Afrika.

