UHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uqinise imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwesifo samatele (FMD), njengoba sekunezinyathelo zokungenelela ezisebenza ezingeni eliphezulu kuzo zonke izindawo ezithintekile.
Izolo, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) kanye nowezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya (i-DARD) usingathe uHlelo lokuNgenelela ekuzameni ukulwa nesifo samatele eBergville Sports Complex. Lo mhlangano ubuhanjelwe abalimi, amalungu omphakathi, Amakhosi, abaholi bakamasipala kanye nezinhlaka ezithintekayo zomnyango, okukhombisa indlela yokusabela ngokubambisana ngalesi sifo.
Isifo samatele sokuqala oKhahlamba saqoshwa ngoMashi 2025, okwaholele ekutheni lezo zilwane ezatholakala nalesi sifo zivalelwe ngazodwana. Yize isimo sabuye sazinza emva kwesikhathi, leli gciwane liphinde lavela ngoJulayi 2025 futhi lasakazeka ngokushesha.
Isifunda sasoThukela sithathwa njengenye yezindawo ezikhahlamezeke kakhulu njengoba sekunamacala angu-37 aqinisekisiwe kanye no-62% wamasampula ahloliwe abuyise imiphumela. Sekuqoqwe amasampula angaphezu kuka-3,500 ukuqapha ukuqubuka kwalesi sifo.
Iziphathimandla zibalule ukushoda kwemijovo, ukuthutha imfuyo ngokungemthetho kanye nokubambezeleka kwamalabhorethri njengezinselele ezinkulu. UMnyango uthi usazibophezele ekunqandeni leli gciwane kanye nokuvikela umkhakha wemfuyo wesifunda.

