UMASPALA WASEMNGENI WESULE IZIKWELETU ZABANTU EZINGAFINYELELA KU R10 MILLION


Umasipala waseMngeni, ongaphansi kobuholi bukaMeya uChris Pappas, usuthathe isinyathelo sokwesula izikweletu zikagesi namanzi ezibiza uR10 million, ebezibhekene nemindeni ehlwempu kanye naleyo edonsa kanzima.

Umasipala uthi lesi sinqumo kuhloswe ukusiza imizi ebisengcupheni yokucinyelwa izinsiza ngenxa yezikweletu ezinkulu, ikakhulukazi labo abangasebenzi noma abahola kancane.

Izakhamuzi zisamukele ngenjabulo lesi sinyathelo, bathi sizobasiza ukuthi baqale kabusha impilo ngaphandle komthwalo wezikweletu. UMasipala waseMngeni uthe uzoqhubeka nokufuna izindlela zokweseka imiphakathi ebhekene nezinkinga zokuphila nsuku zonke.


Uthukela Times All Rights Reserved